Libuyela enkantolo iphoyisa lase Piketberg elisolwa ngokubulala intombi yalo.

 

URichard Smit usevel emacaleni amabili eNkantolo yeMantshi yase Piketberg.

 

Kubikwa ukuthi uNatasha Booise udutshulwe wabulawa phambi komndeni wakhe ngase kuqaleni kwale nyanga.

 

Ezinkantolo ezimbili ezedlule, inqwaba yezakhamizi zase Piketberg zahlangana zizozwakalisa intukuthelo yazo ngokubulawa kuka-Booise.

 

Baphinde bacela inkantolo ukuthi ibanqabele ibheyili.

 

USmit bekumele afake isicelo sebheyili ngesikhathi evele enkantolo kodwa wabikela inkantolo ngesinqumo sokushintsha abameli.

 

Ummeli osezingeni eliphezulu uWilliam Booth uzongena ngo Msombuluko futhi kulindeleke ukuthi kubekwe usuku lokulalelwa kwebheyili.

 

Ngaphandle kokubulala, iphoyisa libhekene necala lokuzama ukubulala nelokushaya.

 

SHARE THIS